Ukuhlinzekela ukuhlonipha izinqubo zokwakha ubuhlobophakathi kwabantu; umphumela kwezomThetho ngobudlelwano babantu; ukuhlonishwa ngokusemthethweni kobudlelwano basekhaya; ukusebenza komThetho kubudlelwano basekhaya; nokuhlinzekela izinto ezihambisana nako.
NANGOKUQAPHELA ukuthi uhlelo lokusebenza komThetho wezomndeni emva kokuqala kokusebenza komThethosisekelo akuzange kusihlinzekele isimo sobudlelwano bezithandani eziwubulili obubodwa ukuthi zibe nesikhundla nezinzuzo ezihambisana nomthwalo womshado okunikezwa inhlonipho kwizithandani zobulili obungefani.
a ukulawula umcimbi wokuhlangananisa nokurejista ubudlelwano bezakhamuzi; kanye b nokuhlinzeka umphumela womcimbi kwezomthetho kanye nokurejistwa kobudlelwano bezakhamuzi.
Umphathi-hhovisi ongumshadisi angawusingatha umcimbi wokuhlanganis abantu abadala abawubulilil obubodwa ngokuhambisa ngemigomo yale Sahluko.
Ngokuhambisana nale Sahluko, umphathi-hhovisi unawo wonke amandla awanikezwe umthetho woMshado ukusingatha umcimbi ngokwale Sahluko.
Noma yiliphi ibandla kumbe inhlangano bangambhalela uNgqongqoshe bafake isicelo sokubekwa babe yibandla elingasingatha ubudlelwano bezakhamuzi.
UNgqongqoshe angalinikeza amandla ibandla kumbe inhlangano ukuthi bakwazi ukusingatha imicimbi yokuhlanganisa ubudlelwano bezakhamuzi ngaphansi kwalo mThetho, futhi, kufanele kuthi njalo emva kwezikhathi ezithize, ashicilele imininingwane yazo zonke izikhundo ezinikwe laow Mandla kwiGazethi.
Ungqongqoshe angawaqeda amandla okukhulunywa ngawo kwisigatshana 2, uma ibandla kumbe inhlangano icelile ukuthi makasuswe futhi loko kufanele akushicilele kwiGazethi.
UNgqongqoshe kanye nanoma imuphi umphathi-hhovisi wakwahulumeni ogunyazwe nguNgqongqoshe angamnikeza umuntu ongumfundisi wanoma yiluphi ukholo, uma ethole isicelo esibhalwe phansi, ukuthi abe ngumshadisi, inqobo nje uma engumfundisi noma enesikhundla esithize kulelo bandla, amandla okuhlanganisa ubudlelwano bezakhamuzi ngokwaleSahluko nangokosiko-mpilo lwalolo kholo.
Onke amandla omuntu ongumshadisi ngaphansi kwesigatshana 4 kufanele abhalwe kumqulu futhi kufankwe nosuku lokuqala kwalawo Mandla kufakwe nemikhawulo abekelwe yona ifakwe kulowo mqulu.
UNgqongqoshe kanye nomphathi-hhovisi wakwahulumeni ogunyaziwe nguNgqongqoshe, uma ethola isicelo esibhalwe phansi somuntu ogunyaziwe ngaphansi kwesigatshana 4, angawaqeda amandla alowo muntu okushadisa ngokubhala phansi maqondana nokuthi ahlanganise ubudlelwano bezakhamuzi ngaphansi kwale Sahluko.
Le sahluko, inqobo ngokuhambisana nesigatshana , asimphoqi umshadisi ukuthi asingaqhe umcimbi wokuhlanganisa ubudlelwano bezakhamuzi: Inqobo nje uma emazisile uNgqongqoshe ngokubhala phansi ukuthi unembeza wakhe uyaphikisana nokuhlanganisa ophathini ngokwale Sahluko.
Isigatshana 1 asisebenzi kubashadisi ababekwe ngaphansi kwale Sahluko.
a kokuthi lowo nalowo muntu ohlanganiswayo akhiphe umazisi wakhe awuthola ngaphansi kwemigomo yomthetho kaMazisi; noma b lowo nalowo muntu anikeze umshadisi isitatimende esifungelwe ngokubekiwe; noma c omunye wabafuna ukuhlanganiswa akhiphe umazisi okukhulunywa ngawo kwisigaba a awukhombise umshadisi bese lona omunye enikeza umshadisi isitatimende esifungelwe nokukhulunywa ngaso kwisigaba b.
Umuntu angaba uphathini wobuhlobo obubodwa ngesikhathi.
Umuntu oshadile akakwazi ukurejistela ubuhlobo.
Umuntu ozoba uphathini kubuhlobo bezakhamuzi oseke washada ngaphambilini kumbe oseke waba uphathini kobunye ubuhlobo kufanele aqale akhiphe ikhophi efakazelwe yokudivosa kumbe isitifiketi sokufa kwabeshade naye kumbe obengumhlobo wakhe, loko nje okuqondene, anikeze umshadisi njengobufakazi bokuthi lobo budlelwano sebuqediwe.
Umshadisi angeqhubeke nomcimbi nokurejista ubudlelwano ngaphandle kokuthi aqale anikezwe le mmiqulu okukhulunywa ngayo kwisigatshana 3.
Ubudlelwano bezakhamuzi bungarejistwa abafuna ukuhlanganiswa uma, ngaphandle kokuthi bawubulili obubodwa, kungekho okunye okubanqabelayo emthethweni ukuthi bangashada.
Noma ubani ofuna ukuphakamisa isivimbezelo kulabo abafuna ukuhlanganiswa njengabahlobo kufnele asifake ngokubhalela umshadisi ozosingatha umcimbi walobo buhlobo..
Kufanele kuthi lapho umshadisi ethola leso sivimbezelo afune isizathu saloko kuphikisana nenhlanganiso kuze kube uyazidelisa ukuthi asikho isivimbezelo esisemthethweni kulabo abafuna ukuhlanganiswa, ube esekwazi-ke ukusingatha umcimbi wobuhlobo.
Uma naye engenako ukwaneliseka kufanele anqabe ukuhlanganisa ubudlelwano futhi azirekhode ngokuzibhala phansi izizathu zalokko.
Umshadisi angawusingatha umcimbi futhi awurejistenganoma yisikhaathi sini nanganom yiluphi usuku evikini, kepha akaphoqelekile ukusingatha umcimbi ngezinye izikhathi ngaphandle kwaphakthi kwehora le-8 ekuseni nangehora le-4 ntambama.
Umshadisi kufanele umcimbi awusingathe futhi awurejiste kwihhovisi lomphakathi kumbe endlini yasekhaya langasese kumbe kwindawo ebekelwe lowo msebenzi , kube kuvulwe iminyango futhi nabahlanganiswayo bekhona kukhona nofakazi ababili abangafakaza, kepha le migomo edlule kulesigatshana ayimvimbeli umshadisi ukuthi asingathe ubudlelwano bezakhamuzi kunoma iyiphi enye indawo ngaphandle kwakulena ebekiwe lapha, uma ubuhlobo lobo kufanele buhlanganiselwe kwenye indawo ngaphandle kwebekiwe lapha, uma ubuhlobo kufanele buhlanganiselwe kwenye indawo ngenxa yokugula okubi kumbe osekuthathe isikhathi eside, kumbe uma kunokulimala komunye, kumbe kwabo bobalili abafuna ukuhlanganiswa.
akekho umuntu ovumelekile ukwenza isivumelwano sobuhlobo ngokwale Sahluko ngokuthi amelwe omunye umuntu kumcimbi.
Ngobuhlobo noma ngomshado ngesikhathi efunda amazwi okubahlanganisa. Uma abodwendwe bengavumelani, umshadisi kufanele kuthi lapho efunda inqubo, akhulume ngobuhlobo obusemthethweni.
uyafunga, A.B., ukuthi ongokwazi kwakho akukho okusemthethweni okuyisivimbezelo sokuthi ungakwazi ukuba nobuhlobo obusemthethweni/ukushada no C.D. okhona lapha phambi kwakho naphambi kwabo abantu abakhona lapha futhi obamemayo ukuthi babe ofakazi bokuthi uyamthatha u-C.D. abe uphathini wakho osemthethweni/unkosikazi kumbe indoda yakho?
Kepha ubuhlobo obusemthethweni/umshado ube uqhutshwe ngokwemigomo yale sahluko, lobo buhlobo obusemthethweni/mshado uyoba, inqobo nje uma kungekho okuyisivimbezelo emthethweni, ngolungile noyisibophezelo.
Abazoba ophathini kufanele omunye nomunye wabo bafunge futhi bhale phansi ukuthi bayathanda ukwakha ubuhlobo obusemthethweni phakathi kwabo bobabili ngokusayina umqulu obekiwe futhi basayine phambi kofakazi ababili.
Umshadisi kanye nofakazi ababili kufanele nabo basayine umqulu obekiwe ukufakaza ukuthi isifungo esenziwe ngaphansi kwesigaba 112 senziwe phambi kwabo.
Le sitifiketi ukukhishwa kwaso wubufakazi obusho ukuthi kunobuhlobo phakathi kwababili ababhaliwe kusona isitifiketi.
Lowo nalowo mshadisi kufanele agcine amarekhodi ayo yonke imigcagco ayisingathile.
Umshadisi kufanele ngaleso sikhathi irejista kanye namarekhodi lawo akumbise kumphathi-hhovisi wakwahulumeni onikezwe umsebenzi wokurejista abantu kwindawo leyo akuyo.
Kufanele kuthi lapho umgcini-hhovisi eyithola irejista okukhulunywa ngayo kwisigatshana 6 a ngokwemigomo yesigaba 8e yomThetho woKwazisa.
Imiphumela eba khona kumshado iyo esebenzayo, okuwushintsho oluyisidingongqangi lapho kwakhiwe ubuhlobo obusemthethweni.
a ngomshado kunoma yimuphi umthetho, okubandakanya nokumthetho wosiko ongabhaliwe kubandakanya, ngokoshintsho olungadingwa yisimo, ubuhlobo obusemthethweni njengokwencazelo yalo mThetho; futhi b umkhwenyana, unkosikazi kumbe oshadile kunoma yimuphi umthetho, okubala nokomthetho ongabhaliwe, kubandakanya ubuhlobo obusemthethweni njengokwencazelo yalo mThetho.
c vikela okuyintshisekelo yabo bobabili ophathini basekhaya kanye nabanye abathintekayo lapho ubuhlobo bophathini buphela; futhi d kunquma kokugcina ngobudlelwano kwezezimali phakathi kophathini basekhaya naphakathi kophathini nabanye abathintekayo lapho ubuhlobo basekhaya buphela.
Le sahluko sisebenza kubuhlobo obuphakathi kophathini naphakathi komunye wophathini kumbe bobabili kanye nomuntu noma abantu abaseceleni.
Umuntu angaba uphathini wobuhlobo oburejistiwe obubodwa kuphela ngesikhathi.
Njengobufakazi bokuthi umshado odlule sekuqediwe.
UNgngqongqoshe nanoma imuphi umgcini-hhovisi ogunyaziwe wakwahulumeni angawanikeza amandla kunoma yimuphi umggcini-hhovisi kumbe umsebenzi wakwahulumeni kumbe inxusa leRiphabhlikhi abe umphathi-hhovisi orejistayo, kube yinto ayenzela wonke umuntu kumbe endaweni ethize, ngokwamandla ahambisana nesikhundla sakhe inqobo nje uma esahleli kuleso sikhundla.
Wonke umuntu onikezwa amandla njengomgcini-hhovisi orejista ubuhlobo kufanele lawo Mandla abhalwe phansi kufakwe nosuku lokuqala kwalawo Mandla kanjalo nemikhawulo abekelwe yona ifakwe kulowo mqulu.
Makuthi kubhekelelwe isigaba 16, noma ibaphi abantu ababili bavumeleke ukurejista ubuhlobo babo njengobuhlobo basekhaya njengokubekiwe kule sigaba.
Umgcini-hhovisi orejistayo kufanele umcimbi wokurejist awugcine kwisikhungo esibekelwe lokho nangenqubo ebekiwe kule sigaba.
Ozokuba uphathini kufanele yena yedwa futhi abhale phansi afunge ukuthi uyathanda ukuburejista ubuhlobo bakhe bomndeni ngokusayina umqulu obekelwe konaphambi kukamgcini-hhovisi orejistayo.
Umgcini-hhovisi orejistayo kufanele awusayine umqulu obekiwe ukufakaza ukuthi ukufunga okukhulunywa ngako kwisigatshana 3 kwenziwe ngokuzikhethela futhi phambi kwakhe.
Umgcini-hhovisi kufanele enze isaziso sokuthi kunesivumelwano sobuhlobo bomndeni, uma sebakhiwe, kwisitifiketi sokurejista.
Umgcini-hhovisi kufanele akhiphe isitifiketi sokurejista esishoyo ukuthi barejiste ubuhlobo bomndeni, uma sebakhiwe, anamathisele ikhophi esethifayiwe yesivumelwano sobuhlobo oseburejistiwe kwisitifiketi sokurejista.
Isitifiketi sokurejista esikhishwe umgcini-hhovisi ukukhishwa kwaso kuwubufakazi bokuthi kunobuhlobo bomndeni oburejistiwe phakathi kophathini.
Lowo nalowo mgcini-hhovisi kufanele agcine irejista yazo zonke izivumelwano zobudlelwano bemindeni oburejistiwe ezisingathwe uye bese enza isaziso salezo zivumelwano zobuhlobo oburejistiwe, uma kwenziwe, kwirejista.
Umgcini-hhovisi kufanele khona manjalo irejista ayithumele kumgcini-hhovisi wakwahulumeni onikwe umsebenzi wokurejista abantu kwisifunda abekwe kuso.
Kufanele kuthi lapho ifika kuye irejista aqikelele ukuthi imininingwane yobuhlobo bomndeni oburejistiwe iyafakwa kwirejista yabantu ngowkwemigomo yesigaba 8e yomthetho yoKwazisa.
ngaphandle kwaloko okubekiwe kule sigaba, awukho umthetho jikelele omaqondana nempahla phakathi kophathini abawumndeni orejistiwe.
Uma kwenzeka kuba nengxabano maqondana nokwahlukaniswa kwempahla emva kokuphela kobuhlobo oburejistiwe, isigaba 34 yiso esisebenzayo.
uma isaziso sokuthi kunesivumelwano sobuhlobo bomndeni esirejistiwe singekho ngokwesidingongqangi ngokwesigaba 188, le sivumelwano siba yisibophezelo kubahlobo besivumelwano kuphela.
Kwizinyathelo ezimaqondana nokwehlukaniswa kwempahla phakathi kophathini abarejistiwe ngaphansi kwale Sahluko, inhkantolo ingabheka ukuthi ophathini benza isivumelwano sobuhlobo oburejistiwe kanye nokuqukethwe kuso, inqobo uma isivumelwano esirejistiwe sobudlelwano ekhaya besifakiwe futhi sananyathiselwa kwisitifiketi sokurejista.
Uma inkantolo, uma isisibheke sonke isimo, yanelisekile ngokuthi uma ithi makulandelwe isivumelwano sobudlelwano basekhaya kungase kube nesimo esingenalo iqiniso, ingasisusa isivumelwano sobudlelwano basekhaya kumbe issue ingxenye yaso.
f ukufaka kwalowo nalowo phathini kubudlelwano bomndeni oburejistiwe; kanye g nanoma yiluphi udaba inkantolo elubona kufanele ilubheke.
Inkantolo ingasikhipha isinqumo nakuba isivumelwano sobudlelwano bomndeni sichaza ukuthi amandla enkantolo ayekhishiwe ukuze ingasikhiphi leso sinqumo.
Inkantolo kufanele ithathe isinqumo nakunoma iluphi olunye udaba maqondana nesivumelwano sobudlelwano bomndeni ngokwemimiso-migomo yezivumelwano.
Uphathini orejistiwe akafanele ukuthi ngapgandle kwemvume yomunye uphathini athengise, aphisane, abambise, abolekise, aqashise kumbe achithe ngandlela thize impahla yabo bobabili.
Bobabili ophathini banelungelo lokuhlala ekhaya lomndeni ngesikhathi ubudlelwano bomndeni oburejistiwe buqhueka, akunandaba ukuthi ubani ongumnikazi kumbe oyirentile indawo.
Uphathini orejistiwe ongumnikazi kumbe olirentayo ikhaya lomndeni akafanele ukumxosha uphathini orejistiwe ekhaya lomndeni ngesikhathi ubudlelwano babo busarejistiwe ngaphandle kokuthi aqale amtholele enye indawo yokuhlala.
b ophathini bevumelana; noma c inkantolo ikhpha isinqumo esibuqedayo ubuhlobo bomndeni oburejistiwe, njengokuhlinzekiwe kule Sahluko.
Isitifiketi sokushona, isitifiketi sokuqeda esikhishwe ngaphansi kwale Sahluko kumbe isinqumo sokuqeda esikhishwe yinkantolo ngaphansi kwale sahluko ukuvezwa kwaso kuwubufakazi bokuthi ubuhlobo bomndeni buphelile.
Umgcini-hhovisi orejista ubuhlobo bomndeni kwisikhungo esibekelwe lokho nangendlela ehlinzekiwe kule sigaba kufanele inqubo yokubuqeda ubuhlobo ayiqhube kwisikhungo esibekelwe lokho nanfendlela ehlinzekiwe kule sigaba.
Ophathini abarejistiwe abafuna ukubuqeda ubuhlobo bomndeni kufanele banikeze umgcini-hhovisi ikhophi esethifayiwe yesitifiketi sokurejista ewubufakazi bobuhlobo bomndeni oburejistiwe obukhona phakathi kwqabo.
Ophathini abarejistiwe kufanele lowo nalowo wabo babhale phansi bafunge ukuthi bafuna ukubuqeda ubuhlobo babo bomndeni oburejistiwe ngokusayina umqulu phambi kukamgcini-hhovisi.
Umgcini-hhovisi orejistayo kufanele asayine umqulu obekiwe ukufunga ukuthi ukufunga okukhulunywa ngako kwisigatshana 3kwenziwe ngokuzikhethela futhi kwenziwe phambi kwakhe.
Umgcini-hhovisi orejistayo kufanele anikeze ophathini abarejistiwe isitifiketi esishoyo ukuthi ubuhlobo babo sebuqediwe futhi enze nesaziso ngesivumelwano sokubuqeda ubuhlobo, lapho kwenzeke kanjalo, kwisitifiketi.
Lowo nalowo mgcini-hhovisi orejistayo kufanele agcine irejista yabo bonke ubuhlobo oburejistiwe bomndeni abuqedile futhi enze nesaziso ngesivumelwano sokubuqeda ubuhlobo, lapho kwenzeke kanjalo, kwirejista.
Umgcini-hhovisi orejistayo kufanele khona manjalo irejista kanye nemiqulu eqondene ayithumele kumgcini-hhovisi wakwahulumeni onamandla okurejista amandla awanikeziwe kwisifunda sakhe.
Isivumelwano sokuqeda ubuhlobo kufanele kube esibhalwe phansi, sasayinwa yibo bobabili ophathini abarejistiwe futhi bafunge ukuthi senziwe ngokuzikhethela kwabo bobabili ophathini.
c amalungiselelo maqondana nekhaya lomndeni; kanye d nanoma iluphi udaba olumaqondana nomphumela wokuphela kobuhlobo bomndeni oburejistiwe.
Uphathini orejistiwe onezingane ezincane zobuhlobo oburejistiwe futhi abaqonde ukubuqeda ubuhlobo babo kufanele bafake isicelo sokuqeda ubudlelwano enkantolo.
Inkantolo ingesikhiphe isinqumo sokuqedwa kobuhlobo bemndeni oburejistiwe ngaphandle uma yaneliseka ukuthi imigomo eyenziwe kumbe ecatshangiwe maqondana nenhlalakahle yezingane kumbe ingane eyondliwayo yobuhlobo bomndeni oburejistiwe iyazenelisa izidingo zaleyo ngane.
Ngaphambi kokukhipha isinqumo sokuqeda ubuhlobo, inkantolo kufanele iqale icabangisise izincomo okukhulunywa ngazo kwisigaba 41 somThetho wokuLamula kuMacala Athize kwiDivosi.
Ukuze ikwazi ukusithola isimo esibekwe kwisigatshana 1 inkantolo ingase inqume ukuthi kube nomuntu ovela phambi kwayo futhi ingase ikhiphe sinqumo sokuthi omunye wophathini kumbe bobabili mabakhokhe izindleko zophenyo nokuvela phambi kwekantolo.
Inkantolo ekhipha isinqumo esiqeda ubuhlobo bomndeni oburejistiwe, maqondana nesondlo nemfundo yengane esadinga ukondliwa okuyingane yobuhlobo bomndeni oburejistiwe, kumbe maqondana nomphathi wayo, kumbe ingane esencane yobuhlobo bomndeni oburejistiwe, kumbe ukuyibona ingane, inkantolo ingase ikhiphe isinqumo leso esibona sifanele futhi kwesinye isikhathi, uma ibona kuyito efanelekile kumntwana ukukwenza lokho, ikhiphe isinqumo sokuthi omunye wabazali abe umphathi kumbe umgadi wengane, inkantolo inganquma futhi ukuthi uma kwenzeka omunye wabazali onikezwe ubuphathi yedwa eshona, omunye umuntu ngaphandle komzali osaphila okuzofanele abe umphathi womntwana, yena yedwa kumbe ngokubambisana nomzali osaphila.
Ngaphandle uma inkantolo isho okunye, amalungelo nomsebenzi kaphathini orejistiwe ngaphansi iwanoma yimuphi umthetho awashintshi ngenxa yokuqedwa kobudlelwano.
Maqondana nale sigaba inkantolo ingase iqoke ummeli ozoyimela ingane enkantolo futhi ikhiphe isinqumo sokuthi omunye kumbe bobabili abarejistiwe bakhokhe izindleko zommeli.
Uma kunengane ezelwe kubuhlobo oburejistiwe kubantu bobulili obungefani, owesilisa kulobo buhlobo uthathwa njengobaba ozala leyo ngane futhi unamalungelo nemisebenzi emaqondana naleyo ngane ebeyingaba eyakhe ukube ubeshade nomama oyizalayo ingane.
c wakha obunye ubuhlobo nophathini; noma d noma wakha obunye ubuhlobo oburejistiwe, noma yikuphi okwenzeka kuqala.
f izinga lempilo yphathini abarejistiwe ngaphambi kokuqedwa kobuhlobo bomndeni oburejistiwe; kanye g nanoma isiphi esinye isimo inkantolo ebona sifanele ukubhekelelwa.
Maqondana nale Sahluko, "oshadile" kumThetho Wefa kufanele kuthathwe njengokubala uphathini orejistiwe.
Uphathini okubuhlobo bomndeni oburejistiwe akakhishelwa ngaphandle ukuthi angathatha izinyathelo zokufuna isinxephezelo ngokufa kukaphathini wakhe ngendlela eyicala ngoba naku kuthiwa bebengashadile ngokusemthethweni.
Uma kwenzeka kuba nengxabano maqondana nokwehlukaniswa kwempahla yobuhlobo oburejistiwe uma sebuphelile ubuhlobo, omunye kumbe bobabili ophathini bangalufaka enkantolo udaba ukuze kuphume isinqumo senkantolo maqondana nokwehlukaniswa kwemphahla yabo ehlangene kumbe eseceleni, kumbe ingxenye yempahla eseceleni yomunye bophathini abarejistiwe.
Uma udaba lokwehlukaniwa kwempahla yabo bobabili, inkantolo kufanele ikhiphe isinqumo sokwehlukaniswa kwaleyo mpahla okufanele kube yileso esibona sinobuqiniso futhi sifanelekile uma kubhekwa zonke izinto.
e Ukuba khona kwesivumelwano esirejistiwe sobuhlobo oburejistiwe nesiqukethe, uma sikhona; kanye f nanoma yiziphi ezinye izinto ezingafuna ukubhekwa.
Inkantolo ekhipha isinqumo esikhishiwe kwisigatshana 3 kufanele izanelise ngokuthi esinobuqiniso nesifanelekile ngenxa yokuthi uphathini orejistiwe nokhishelwa isinqumo esimvunayo ufakile ngqo nangenyezinye izindlela ukwakha umnotho wempahla yabo kumbe kwingxenye yempahhla kaphathini wobuhlobo oburejistiwe.
Inkantolo ekhipha isinqumo ngokubekiwe kwisigatshana 3 ingaluhlehlisa usuku lokugcinwa kwesinqumo senkantolo, okungahambisana nokukhokhwa kwenzalo, ukukhoka kancane kancane kanye nokuhanjiswa kumbe ukudluliswa kwempahla ethize, ngaleyo ndlela inkantolo eyibona inobuqiniso futhi ifanelekile, uma uphathini obhekene nesinqumo efake isicelo sokuhlehliselwa usuku lokuqala ukugcina isinqumo senkantolo.
Ngaphandle uma kubekiwe kule sigaba, isicelo esifakiwe enkantolo sokuthi kukhishwe isinqumo ngaphansi kwesigaba 34 kufanele senziwe ingakapheli iminyaka emibili kusukela buqediwe ubuhlobo oburejistiwe.
Noma yingasiphi isikhathi, emveni kokudlula kwesikhathi okukhulunwa ngaso kwisigatshana 1, inkantolo ingasivumela isicelo ukuthi sikamkhalazi enkantolo ngaphanssi kwesigaba 33, uma yaneliseka kuzo zonke izinto, ukuthi umkhalazi uzobhekana nobunzima obukhulu kakhulu uma singamukeleki isicelo sakhe kunalobo azobhekana nabo okuwuye isicelo nesinqumo senkantolo esizobe sibhekiswe kuye.
Uma oyedwa kumbe bobabili ophathini befa, uphathini osaphila orejistiwe kumbe umphathi wefanwanoma yimuphi uphathini orejistiwe kufanele akhiphe isaziso esibhaliwe asithumele kubantu abanentshisekelo.
Inkantolo ecubungula isicelo ngaphansi kwale Sahluko kufanele ibhekelele umthengi, kumbe omunye umuntu onentshisekelo kumbe ilungelo kwimpahla edingidwayo.
Inkantolo ingakhipha noma yisiphi isinqumo esifanelekile ukuvikela amalungelo abantu abanentshisekelo.
Oyedwa kumbe bobabili ophathini, emva kokuphela ngokufa kumbe ukwehlukana kobuhlobo obungarejistiwe, bangasifaka isicelo ukuthola isinqumo sesondlo, sokwabiwa kwefa elingayo incwadi kumbe sokwehlukaniswa kwempahla.
h indlela obaziwa ngayo ubuhlobo kumphakathi; kanye i indlela ababubuka ngayo abantu bangaphandle ubuhlobo obungarejistiwe.
Akudingi ukuthi kube nomphumela wezinto okukhulunywa ngazo kwisigatshana 2, kumbe nenhlanganisela yazo, ngaphambi kokuthi inkantolo ithathe isinqumo ngaphansi kwale Sahluko, futhi kungase kudinge ukuthi kubhekwe nezinye izinto ezingase zibonakale zifanelekile ukuthi zibhekwe kwisimo sodaba.
Inkantolo akufanele ikhiphe isinqumo ngaphansi kwale Sahluko maqondana nobuhlobo nomuntu, okuthe ngesikhathi salobo buhlobo, wabe futhi eshade ngokusemthethweni, enobuhlobo bezakhamuzi, kumbe ubuhlobo bomndeni oburejistiwe nomunye umuntu oseceleni.
inkantolo ingakhipha isinqumo kuphela ngaphansi kwale Sahluko maqondana nobuhlobo uma oyedwa okungenani kulobo buhlobo eyisakhamuzi saseNingizimu Afrika kumbe enesitikiketi sokuhlala isikhathi esize samenza waba uwaseNingizimu Afrika.
Inkantolo, emveni kokwehlukana kobathini omunye wabo wafaka isicelo kumbe bobabili bafaka isicelo, ingasikhipha isicelo esinobuqiniso nokufanelekka maqondana nesondlo somunye wophathini abangarejistiwe kube esesikhathi esithize esibekiwe.
e isimo sobunye ubudlelwano obungarejistiwe kumbe umshado ngokosiko womunye wabo kumbe bobabili, nanoma yisiphi esinye isimo inkantolo esibona sifanele ukubhekelelwa.
Uphathini ongarejistiwe ophilayo emveni kokushona komunye uphathini obengarejistiwe, angasifaka isicelo sesondlo enkantolo esizophuma kwifa likamufa kuze kube uphathini ohilayo uyafa, uyashada futhi kumbe urejista obunye ubuhlobo bomndeni, kube ngangokungakwazi kwakhe ukuzondla.
Uphathini osaphila ongarejistiwe akanalo ilungelo lokufuna inkokhelo yesondlo kunoma imuphi umuntu ophethe imali kumbe impahla kamufi ngokwesigaba 3411 noma 3512 somthetho Wolawulo Lwezamafa Administration of Estates Act, kumbe ngokomyalelo kamasta ngokwesigaba 183 noma 251aii salowo mThetho.
d Uma kwenzeka kuba nokushayisana phakathi kwezidingo zikaphathini ophilayo ongarejistiwe njengomuntu ofunela ingane encane yobuhlobo bomndeni obungarejistiwe, inkantolo kufanele ikhiphe isinqumo esibona sifanelekile nesilungile uma kubhekwa isimo sobuhlobo bukamufi nophathini ongarejistiwe; futhi e umphathi wefa likamshadi oseshonile unamandla okwenza isivumelwano nophathini ophilayo ongarejistiwe kanye nezindlalifa zikamufi nabakweletwayo abanentshisekelo kwisivumelwano, okubala nokwakha itrasti, nangokwesivumelwano sokudlulisa impahla kamufi kumbe kwilungelolempahla kaphathini osaphila kumbe ukuphoqa isibopho kwindlalifa kumbe ofuna isikweletu ukuxazulula izimfuno zikaphathini ongarejistiwe ophilayo kumbe ingxenye yayo.
d ukuthi bukhona yini obunye ubuhlobo obuningi phakathi kukamufi nophathini ongarejistiwe, naphakathi kukamufi nomakoti womshado wosiko; kanye e nanoma yisiphi isimo inkantolo esibona sihambisana nalokhu.
Uma uphathini ongarejistiwe efa ngaphandle kwencwadi yefa, uphathini ongarejistiwe ophilayo angasifaka isicelo enkantolo, ngokuhambisana nezigatshana no , afune isinqumo senkantolo esimnika ifa elingenacwadi.
Uma umufi eshiye uphathini ongarejistiwe ophilayo kanye nengane yabo, lowo uphathini ongarejistiwe ophilayo udla ifa elilingana nelengane kumbe kube yinani elingeqile kulelo elihlale lifakwa kwiGazethi ngenothisi yokulawulwa kwamafa nguNgqongqoshe, leyo nje enkulu, njengokuhlinzeka koomThetho Wezamafa.
Uma kwenzeka kuba nengxabano phakathi kukaphathini ongarejistiwe ophilayo nomakoti womshado wosiko kamufi maqondana nefa elikhishiwe, inkantolo ingakhipha isinqumo esibona sifanelekile futhi silungile uma kubhekwa isimo sabo bonke ubuhlobo.
Uma singekho isivumelwano esikhona, oyedwa kumbe bobaili ophathini abangarejistiwe bangasifaka isicelo enkantolo ukuthi makwahlukaniswe impahla ehlanganyele kumbe eseceleni, kumbe ingxenye yempahla eseceleni kaphathini ongarejistiwe.
Uma sekufakwe isicelo sokwahlukaniswa kwempahla, inkantolo kufanele ikhiphe isinqumo esibona sifanelekile futhi silungile uma kubhekwa isimo sonke.
Uma sekufakwe isicelo sokwahlukaniswa kwempahla eseceleni kumbe ingxenye yayo, inkantolo ingase ikhiphe isinqumo esithi impahla eseceleni kumbe ingxenye yayo okungekaphathini ongarejistiwe mayinikwe umfaki wesicelo ngendlela inkantolo eyibona ifanelekile futhi silungile.
d amalungelo akhona abanye abantu bangaphandle abanentshisekelo kwimpahla yabo bobabili nanuleyo eseceleni; kanye e nanoma yisiphi esinye isimo esihambisanauo.
Inkantolo ekhipha isinqumo ngokubekiwe kwisigatshana 3 kufanele yaneliseke ukuthi ikhipha isinqumo esibona sifanelekile nesilungile uma kubhekwa ukuthi uphathini ongarejistiwe wafaka isandla ekwakhiweni komnotho oseceleni kumbe kwingxenye yawo ngesikhathi sobuhlobo bomndeni obungarejistiwe.
Inkantolo ekhipha isinqumo ngokubekiwe kwisigatshana 3 kungathi lapho uphathini ongarejistiwe okuwuye isinqumo sibhekiswe kuye, ikhipe isinqumo sokuthi makuhlehliswe usuku lokugcinwa kwesinqumo senkantolo ngokwemibandela, okungafaka neyokukhipha isibambiso, ukukhokha inzalo, ukukhokha kancane kancane nokuhanjiswa kwempahla ethize echaziwe, inkantolo kufanele ikhiphe isinqumo esibona sifanelekile nesilungile.
Inkantolo ingakhipha noma yisiphi isinqumo esibona sifanelekile ukuvikela amalungelo abantu abanentshisekelo.
Ngaphandle uma kubekiwe kule sigaba, isicelo esifakiwe enkantolo sokuthi kukhishwe isinqumo ngaphansi kwale Sahluko kufanele senziwe ingakapheli iminyaka emibili kusukela ukufa kubuqedile ubuhlobo oburejistiwe.
Noma yingasiphi isikhathi, emveni kokudlula kwesikhathi okukhulunwa ngaso kwisigatshana 1, inkantolo ingasivumela isicelo ngaphansi kwale Sahluko, uma yaneliseka kuzo zonke izinto, ukuthi umkhalazi uzobhekana nobunzima obukhulu kakhulu uma singamukeleki isicelo sakhe kunalobo azobhekana nabo okuwuye isicelo nesinqumo senkantolo esizobe sibhekiswe kuye.
Noma imuphi umgcini-hhovisi osingatha umcimbi wobuhlobo ebe engenalo igunya ngaphansi kwalo mThetho kumbe uma enolwazi lokuthi ophathini abuvumelekile emthethweni ukuhlanganiswa, futhi noma ubani othi engesiyena umgcini-hhovisi ongumshadisi kepha asingathe umcimbi owakha ubuhlobo, uyobekwa icala uma limlahla agwetshwe inhlawulo yemali, uma engayikhokhi, aboshwe isikhathi esingeqile kwizinyanga eziyishumi nambili.
Umgcini-hhovisi ongumshadisi ofuna kumbe owemukela inkokhelo, isipho kumbe umklomelo ngenxa yanoma yini ayenzile njengomgcini-hhovisi ongumshadisi ngokwalo mThetho uyobekwa icala uma limlahla agwetshwe inhlawulo yemali, uma engayikhokhi, aboshwe isikhathi esingeqile kwizinyanga eziyisithupha.
a umgcini-hhovisi ongumshadisi othi enolwazi asingathe umcimbi wokuhlanganisa ubuhlobo; noma b umgcini-hhovisi orejistayo othi enolwazi arejiste ubuhlobo bomndeni, ephule imigomo yalo mthetho, uyobekwa icala uma eboshwa akhokhiswe inhlawulo, uma engakhokhi, aboshwe isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha.
Noma ubani oqamba amanga maqondana nalo mThetho, kumbe akhulume into engekho, uyobekwa icala uma limlahla agwetshwe anikezwe inhlawulo yokuqamba amanga ube ufungile.
b izimali eziyinkokhelo yezitifiketi ezikhishiwe kumbe okwenziwe ngokwalo mThetho; kanye c nanoma yini edingekayo nevumelekile ukuthi yenziwe kumbe ayibona ifuneka kube kubalulekile ukuthi yenziwe maqondana nalo mThetho ingenziwa ukuze imigomo yalo mThetho ikwazi ukuthi igcinwe ngempumelelo.
a inhlawulo eyinkokhelo engeqile kwinani, ngokomThetho weZimali Ezimiswayo Adjustment of Fines Act, ka1991 umThetho onguNombolo 101 ka 1991, ingakhishwa esikhundleni sokuthola isigwebo sokudonsa ejele; noma b esikhundleni sokukhokha okukhulunywa ngako kwisigaba a, adonse ejele isikhathi esingeqile kwizinyanga eziyisithupha.
b kobudlelwano phakathi kophathini bobuhlobo banomphelo, noma kungaba obobulili obungefani kumbe obufanayo abangathandi ukuba nobudlelwano bezakhamuzi kumbe umshado, kepha kube nemiphumela emthethweni ehlinzekwe umthethosivivinywa.
Uzoba khona umthelela kwezezimali maqondana nokusingathwa kwemigcagco (i.e. ukubekwa nokuqeqeshwa kwabagcini-hhovisi abazorejista) nokurejista (i.e. ukusungulwa kohlelo namafomu amasha okurejista) izinyunyana zezakhamuzi nobudlelwano bemindeni.
Abameli Abeluleka uHulumeni (State Law Advisers) nomNyango wezaseKhaya banomqondo wokuthi umThethosivivinywa ufanele ukusetshenziswa ngokwenqubo esungulwe yisigaba 75 somThethosisekelo ngoba asinawo umgomo okusebenza kuwo isigaba 74 kumbe 76 somThethosisekelo.
